|
IMIPHAKATHI
YEZINKOLO IHLANGENE EKULWENI NESIFO SENGCULAZI

Sebezuze lukhulu eUganda ekulweni nesifo sengculazi.
Ngonyaka ka 1993, inani labantu abebenesandulelangculazi
belingu 30% - obekuyinani eliphezulu emhlabeni
wonke kodwa ngonyaka ka2003 lelinani lehle laba
ngu 6.5%. Kokunye lokhu kwavela ngezindlela eziqhamuka
kuHulumeni zokunikeza ulwazi, imisebenzi yokuvimbela
ukubhebhetheka kwegciwane eyenziwe amaqembu omphakathi
kanye nokuxhaswa imiphakathi yamaChristian namaMuslim
abahlanganyele ndawonye ekuhliseni izinga lokubukela
phansi abanengculazi, nokunyusa izinga lokusizakala
ezintweni eziphathelene nengculazi.
Eningizimu Afrika, sekunenani elikhulayo lezinhlangano
zezinkolo ezihlanganyelene nokulwa negciwane lengculaza
kwizifundazwe ezahlukahlukene. Ekuqaleni kukaMay
kuwona lonyaka, ingqungquthela yezokholo yahlanganyela
eThekwini ukuzobika ngemisebenzi yabo kanye nokucobelelana
ulwazi ekuqhubezeleni imisebenzi ezoqiniseka imiphakathi
ephilile. Amalunga e-African Forum yezinhlangano
zenkolo kwi Reproductive Health ne HIV/AIDS, anike
isiqiniseko sokuzinikela kwabo ekuthuthukisenio
izidingo zomphakathi, ukuthola nokudlulisa ulwazi
okuyilona, ukwehlisa izinga lokubukeleka phansi
kwabanengculazi, ukucwaseka, ukugqugquzela ukutholakala
kwemithi kanye nokunakekelwa kwalabo abahlukunyezwe
igciwane lengculazi.
Engqungqutheleni ebikade ise-Durban Jewish Club,
amalunga ezezinkolo Zomdabu, amaBhuda, amaIslami,
amaJuda kanye namaBahai babonisana ngezindlela
abangazisebenzisa ekulweni negciwane kanye nezinselelo
abangabhekana nazo bengamabandla emiphakathi ebambisene
nabaholi bamabandla ahlukehlukene. Bonke babehlangene
kwinkanuko yabo yokuthatha izinyathelo zokulwa
negciwane nangokunikeza uthando olungakhethile,
ukuzwelana, ukuzinikela nokubuyisa isithunzi njengemithetho
ebasekelayo, nokukhombisa ukuthi lemithetho kumele
futhi kufanele isetshenziswe ekuxoxisaneni ngezihloko
ngokwesiko okukade kungaxoxwa ngazo, njengezocansi
nokufa.
<<Back
|