| ISIKHWAMA
SEZINTANDANE
Lesisiskhwama
sakhelwe ukubhekelela izinkulungwane ngezinkulungwane
zezingane ezilindeleke ukuba zibe izintandane
ngenxa yengculazi eminyakeni emibalwa ezayo. Sakhiwe
ngokubambisana phakathi kwamaphepha ndaba, uHulumeni
kanye nezinkampani ezizimele, ngenhloso yokuhlanganisa
izimali ezidingakalayo ekunikeni usizo lokunakekela
inani elikhulayo ngenxa yengculazi.
Abasekeli balesisikhwama isekela lamongameli
wase Ningizimu Afrika u Doketela Jacob Zuma ne
Nkosi uGoodwill Zwelithini. Lesisikhwama sabela
izimali ezinhlanganweni ezinakekela izintandane.
Zilinganiselwa ku 150 000 izingane eziyizintandane
ngenxa yengculazi kwa Zulu-Natal. Lelinani kungenzeka
likhule lize lifinyele ku 500 000 eminyakeni eyishumi
ezayo uma ukuthelelana ngengculazi kunganqandeki.
Abaphathi besikhwama uDokotela uZweli Mkhize;
owungqongqoshe wezempilo wesifundazwe eKwaZulu-Natal,
uMnumzane uVivian Reddy; usihlalo weEdison Corporation,
uGraeme King; owayengumphathi we-Independent Newspapers
KZN, u Per Bjorvig; oyinxusa elimele umbuso wase
Europe, uProfessor Jerry Coovadia; omele isihlalo
se Victor Daitz-ucwaningo lwezengculazi eNyuvesi
yaseNatal no Thomas Naidoo; ongumphathi wase Standard
Bank eKwaZulu-Natal.
Imiklomelo yokuqala eyisishiyagalombili yabiwa
ngo December 2002. Lemixhaso yabelwa izinhlangano
ezisiza izintandane noma abanakekeli ababhalise
emnyangweni wezenhlalakahle ezisiza izintandane,
futhi abanamandla anele okuphatha lezizimali.
Lemali ihlose ukuthuthukisa imisebenzi yalezizihlangano.
Lesisikhwama futhi sibhekelela lezizinhlangano
ekutholeni usizo lwezinhlelo zamahala zabasebenzi
eziphethwe abaluleki abazimele, abaphinde babasize
ngezifundo zokuphatha izimali kanye nakwezinye
izinkinga abahlangabezana nazo.
Abaluleki bekomidi lesikhwama basizwa abaphathi
besikhwama ekubhekeleleni izicelo zezimali ebese
isinqumo sokugcina sithathwe phezu kokubekwe yikomidi.
Ikomidi lakhiwe amalunga asebenza emkhakheni wokubhekelela
amalungelo ezingane, abanakekela izintandane nezingane
ezinesandulela-ngculazi, okuhlanganise nabamele
izinhlangano ezinjengo AIDS Foundation, Childline,
Durban Children’s Society, Children First
ne Children's Rights Centre.
Inkampani ephambili yabacwaningi bezimali iphenya
ngabasebenzi kanye nezindlela zokusebenza kwalezizinhlangano
ezithola umxhaso kulesisikhwama. Loluphenyo futhi
luphinde lubheke nalabo abasayinela izimali. Ukuqiniseka
ukwethembeka kokusetshenziswa kwesikhwama, uphenyo
olunzulu luyenziwa futhi kubaphathi besikhwama
kanye namalunga ekomidi nabasebenzi babo.
Ukufaka isicelo sezimali noma enemibuzo, ungathinta:
Unksz. Soraya Khan
Orphans of AIDS Trust
c/o Independent Newspapers (Pty) Ltd
PO Box 47549, Greyville, Durban 4023
Tel: (031) 308 2160. Fax: (031) 308 2361.
Email: soraya@nn.independent.co.za
<<Back |