|
Izandla
Eziningi Zenza umsebenzi Olula Zilethe Nethemba
Enye
yezinhloso zikaHIVAN ukuxhasa ukwakheka kobudlelwane
phakathi kwabantu kanye namaqembu avela emkhakheni
eyehlukene ukuze izinhlelo zokusiza abahlukunyezwe
ingculazi ziqale futhi ziqhubeke. Uhlelo lokunikezela
ngokudla enye yalezizinhlelo. Ihlanganiselwe ngokubambisana
phakathi kwabafundi nabasebenzi baseNyuvesi yaseNatal,
iCampus HIV/AIDS Support Unit, iSinikithemba esesibhedlela
iMcCord, okuyiqembu labantu abaphila negciwane
lengculazi, kanye nemindeni yabahlukunyezwe ingculazi.
Loluhlelo laqalwa ngumfundi obenza unyaka wesithathu
emkhakheni wezifundo eziphathelene negqondo yomuntu
eNyuvesi YaseNatali eThekwini, okuyingxenye yokuthi
bahambe bayosebenza emphakathini ukusekela abakufundile
eNyuvesi, owahlangana nowayenegciwane lencgulazi
ebulawa indlala ekhaya. Lomfundi kwamhlupha kakhulu
ukuhlupheka kwalomama wabe eseyocela isaluleko
kuthisha wakhe uKerry Frizelle ukuba ambonise
ngokuthi bangamusiza kanjani lomama.
UKerry ubeke kanje: "Nami ngabuzwa ubuhlungu
obabuziwa umfundi wami nesifiso sakhe sokuthi
asize umama ngokuthi amuphe ukudla. Inhloso yalesisifundo
ukuthi abafundi bakwazi ukusiza emphakathini ngaphandle
kokuthi umphakathi uncike kakhulu kubona, ibe
futhi enye inhloso ukuthi basize ngazozonke izindlela,
kubekhona izinyathelo abazithathayo futhi benze
nomehluko."
UKerry wayinikezela kubafundi lenkinga ukuthi
bayixazulule. Bonke bavumelana ngokuthi ukudlulisela
lenkinga kumnyango wezenhlalakahle akusiyo impendulo.
Isimo sabanzima kubafundi, kwaze kwaqhamuka umfundi
necebo lokuthi baqale uhlelo lokuphisana ngokudla
lapho abasebenzi baseNyuvesi benganikela ngemali
engu R50 engasetshenziswa ekuthengeni ukudla kwemindeni
ehlukunyezwe ingculazi." uKerry uthi, "Ngathintana
noHIVAN ngalesisicelo, base beqala basebenzisana
noSinikithemba esibhedlela iMcCord abasebeqalile
ukwenza umsebenzi onjengalona kodwa besadinga
olunye usizo."
Loluhlelo selusebenza ngokuphelele manje, kangangoba
ngenkathi kubhalwa loludaba besekunikelwe ngokudla
okwanele amaphakethe angamashumi amathathu anela
imindeni engu 30 ngenyanga. Lokukudla kuthengwa
ngemali enikelwe abasebenzi edonswa emiholweni
yabo njalo ngenyanga. UDudu Zondi, ongumxhumanisi
wezinhlelo zomphakathi, uyena othenga lokhukudla.
Lapha esikhungweni esibhekene nezidingo zengculazi
( Campus HIV/AIDS Support Unit), ubhekelela iqembu
labafundi okuyibona abapakisha ukudla bese bekuhambisa
eSinikithemba.
Ukudla
kuthengwa ngesaphulelo kwa-Knowles Spar, kanti
amaphepha okupakisha ukudla axhaswe uSappi kanye
noNampak. Amaphakethe aqukethe ukudla okubalulekile
njengempuphu, ubhontshisi, isitambu, ushukela,
isobho kanye nephalishi lamabele. Ugaligi uzofakwa
maduzane ngenxa yemisebenzi yawo yokulapha.
"Abafundi bakebachitha isikhathi nemindeni
nakweminye imihlangano yaseSinikithemba kanye
ngesonto eholwa uSonhlalakahle uMaud Mthembu",
kuchaza uDudu Zondi. "Kuyabasiza abafundi
kanye nayo imindeni ekwandiseni ulwazi ngengculazi.
Isibonelo ukuthi, emhlanganweni osanda kuba khona
bafunda kabanzi ngama microbisides nokuthi abanika
kanjani abantu besifazane amandla okuzinvikela".
Omunye wamalunga omndeni aphila nengculazi uthi,
"Ukuphumela obala ngokuphila nengculazi kungenze
ngikhululeke ngoba ukufihla kungenza ngigule."
"Lokukuhlangana nabanye kuyasiza kakhulu,
nako ukudla futhi."
Uhlelo lukhombisa izimpawu zokukhula iminikelo
evela kubasebenzi ikhula zinyanga zonke, kanti
maduzane, UDudu uthi, imindeni eyamashumi amahlanu
ingakuthola ukudla. Oyedwa wabafundi uthembise
ukufundisa amalunga eSinikithemba izifundo ze-Computer
kanti futhi amalunga angu 27 abhalisele uhlelo
lokufunda ngezindlela zokuphila kahle negciwane
lengculazi, elizokwenzelwa khona eSinikithemba.
Imininingwane mayelana naloluhlelo, xhumana:
noMadudu Zondi ku (031) 260 2132 (ucingo) noma(031)
2602397(Fax)
Email: zondid2@nu.ac.za
<<Back
|