| SONDELA EDUZE
Iqembu lika-HIVAN likuthatha, wena mfundi, njengobalulekile
kakhulu emzabalazweni wokulwisana nengculazi negciwane
layo (HIV/AIDS). Izinkinga ezibangwa yi HIV/AIDS
siyozixazulula uma sizwana, sibambene futhi sicobelelana
ngolwazi, amasu kanye nobuciko.
Sininikela iSONDELA kini nemiphakathi yenu njengemizamo
yokuhlanganisa abantu, izinhlangano, nezinhlelo
ezahlukene enizifisayo. Iqhaza lenu lamukelekile
noma likusiphi isimo. Sazise ngesimo, umsebenzi,
ubuqatha, ngoxhumene nabo, ngokufundile (isipiliyoni)
noma ngokucabangayo ngalencwadi ndaba (SONDELA).
Kungabe kukhona ofisa ukukuphawula ngokuxhumanisa
okuyimpumelelo, ukwelapha nokunakekela noma indlela
ehlakaniphile yokusiza abadingayo? Siyoshicilela
okufisayo, ngokusemandleni ethu, ngethemba lokuthi
bakhona abazosizakala ngolwazi onalo.
Joyina isigcinim'niningwane sethu I-HIVAN ihlela
isisgcini'mniningwane samagama nezinhlelo ezenziwa
ngabantu noma izigungu abakuzo mayelana ne HIV/AIDS
KwaZulu Natal. Sifisa ukwenza irejista itholakale
kubantu abaningi ukuze noma ubani odinga ukuyisebenzisa
akwazi ukuyithola kalula. Le-rejista isebenziseka
kwi-website kanye neshicilelwe ephepheni. Uma
ufisa ukuba igama lakho libe kwirejista noma kukhona
omaziyo ofisa ebekhona, thintana nathi. Okunye
futhi, uma ufisa ukuthola amakhophi amaninganyana
kaSONDELA, noma wazi ngezinye izindawo eziwundingayo,
sicela usazise
Sondela eduze! Sithinte: SONDELA, c/o HIVAN (Centre
for HIV/AIDS Networking) University of KwaZulu-Natal,
Durban 4041 Telephone : (031) 260 3195 Fax: (031)
260 3169 e-mail: community@hivan.org.za
Website: http://www.hivan.org.za
<<Back
|