HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

 

UKUSABALALA ESIKHUNGWENI: IZIPHO ZAMAKHONDOMU

Idlanzana labafundi , elihlanganisa amavolontiya axhunyaniswa I- Campus HIV/AIDS Support Unit team, likhiphe “Izipho zamaKhondomu” ukuwasabalalisa kwabanye abafundi emcimbini yokuzithokozisa nezithandwa zabo ezindlini lapho behlala khona.

Amabhokisi amhlophe amakhondomu, anikelwa ngesihle ngabakwa Kohler Carton and Print, abenama-Khondomu amabili (atholakala mahhala eMnyangweni Wezempilo) kanye nepheshana (elenziwa ngabafundi) elinomyalezo ngokusebenzisa wona amakhondomu. Konke lokhu kwavalwa nge-ribbon elinombala wegolide nesiliva kwase kunamathiselwa nge nkanyezi noma inhliziyo.

Lezi “zipho” zamukelwa ngesasasa elikhulu, nabafundi bakuthokozela ukuzitholela amakhondomu kanye nomyalezo owawusephepheni elincane. Ezinye izinhlangano ezizimele kulesisikhungo zikuzwile ukuphumelela kwezipho zabe sezicela ukuzitholela ezawo izipho ukuze zifundise ngazo uma zivakashele ezikoleni, emazingeni aphansi. Sithi HALALA, kubafundi abasebenza kanzima ngokuvolontiya, ngokuhlakanipha nangokuzinkela!

 

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape