| BUZA ONGCWETI!
Lapha sabelana ngolwazi esilunikwa ngongcweti
bodokotela nabacwaningi ukuphendula imibuzo ebuzwa
umphakathi. Khumbula ukuthi uma unombuzo ofisa
ukuphendukela ngawo mayelana ne- HIV/AIDS futhi
ungathandi ukuba igama lakho laziwe, iSondela
ingaloba impendulo kulowo mbuzo ngaphandle kokugagula
igama lakho. Ungasibhalela ku: Sondela, c/o HIVAN
(Centre for HIV/AIDS Networking), University of KwaZulu-Natal 4041, noma uthumele nge-email ku: community@hivan.org.za
Kulesigamu, sizolalela isiluleko sika Neil M.
Orr (MA Psych) sikhombisa ngoku- “phila
ngethemba”, ukunakekela izidingo zemizimba
yethu kuzosisiza ukuphila isikhathi eside negciwane
le-HIV. UMBUZO: Ngingenzani ukunakekela umzimba
wami, uma sengazi ukuthi nginegciwane le-HIV?
IMPENDULO: Ziningi izinto ongazenza ukugcina
umzimba unamandla, futhi uzilinganisele imizwa
yakho kanye nemicabango ukuze ungavumeli umzwangedwa
ukugulise kakhulu. Lapha sizobheka ezidingweni
ezibalulekile zomzimba. Okokuqala, ngenxa yokuthi
umzimba ofudumele ungalwisana kancono ne HIV kunomzimba
ongafudumele, qiniseka ukuthi awuhlali endaweni
ebandayo futhi awuzikhathazi isikhathi eside ngakho
yiba nesikhathi esanele sokulala, phumula uma
uzizwa ukhathele, gqoka ingubo efudumezayo, vocavoca
umzimba ngokuhamba nokugijima ngaso sonke isikhathi,
bese udla ukudla okunomsoco wesitashi (impuphu,
isinkwa, amazambane, namadumbe) njalo ekuseni.
Vikela isisu sakho emagciwaneni ahlala ekudleni
okungaphekekile kahle- hlanza ukudla kwakho bese
ukupheka ngedlela, kuvuthwe. Phuza amanzi ahlanzekile
futhi amaningi (amalitha amabili ngosuku). Kumele
udle okukuhlaza kakhulu nezithelo, bese ugweme
ukudla ukudla okusalile.
Gwema ukuphuza itiye, ikhofi, ushukela notshwala
ngoba konke lokhu uma kukuningi egazini kukhinyabeza
amasosha omzimba. Ukudla okushiswe emafutheni
nokunongwe ngama-spices kungalimaza ingaphakathi
lesisu sakho. Ukuqeda izikelemu namagciwane, yidla
imbewu yethanga eyomisiwe nokherothi oluhlaza
zonke izinsuku.
Uma ukhishwa isisu yidla isiqu/umsuka waphayinaphu
nogaliga ongaphekiwe Ugaliga muhle kakhulu futhi
uphephile ukuthi ungawudla nsukuzonke ukuvikela
ukugula okuningi. Kokunye, zama ukudla kakhulu
kunokujwayekile ngoba udinga umzimba oqatha ukulwisana
namagciwane.
Yidla kathathu noma ngaphezulu uma ukwazi. Uma
ukhishwa isisu isikhathi esevile ezinsukwini ezintathu,
bonana nodokotela ngokushesha. Uma umlomo wakho
inezilonda, yidla igaliga ongaphekiwe njalo emva
kwamahora amabili noma amathathu, bese uhlanza/
uxubhe umlomo wakho ngamanzi anosawoti noma amanzi
anosoda wokubhaka bese udla ukudla okuthambile
njenge phalishi nesupu. Kwisigamu esilandelayo,
siyobe siphethe ulwazi mayelana nemithi edambisayo
engabizi kakhulu, ukubaluleka kokugcina ingqondo
iphumule nenhliziyo ngokuthula kanye nesidingo
sokuya ocansini oluphephile.
Sibonga iPositive Health, ebhalwe ngabakwa Empowerment
Concepts and Metropolitan Life Tel: (021) 940
5772.
<<Back
|