| IMISIGUNGU
SOMSAKAZO OXHUMANISA UMPHAKATHI NGE-AIDS
Esikhathini eside bekunezinkulumo ngokubaluleka
kokuxhumanisa imisakazo yompakathi eNingizimu
Africa. Noma kunjalo, ukukhuluma akwanele uma
kungenziwa lutho. Isigungu leesaziwa ngokuthi
I- National Community Radio Forum (NCRF, ngamafushane)
exhumanisa nge HIV/AIDS, ilangazele ukuqinisekisa
ukuthi abasakazi bezinhlelo zomsakazo bayakhuluma
ngezinto ezibandakanya I-HIV/AIDS.
Ukwakheka koxhumano
Ngaphambi kwengqungquthela yamazwe omhlaba eyayise-Thekwini
ngo- July 2000, abasakazi besiteshi i- NCRF baqeqeshwa
nge HIV/AIDS kanye nakwezempilo. Lokhu kwabe kugqugquzelwe
futhi kuxhaswe I AIDS Foundation eseThekwini.
Emva koqeqesho kwabonakala isidingo sokuba uphiko
lomsakazo womphakathi eNingizimu Afrika kumele
ubambe iqhaza elikhulu ekulweni nesifo se-HIV/AIDS.
Izinga leesaziwa HIV/AIDS liphezulu kakhulu eNingizimu
Afrika nakwamanye amazwe aseNingizimu neAfrika
uma eqhathaniswa namanye amazwe emhlabeni.
Ngaleyo ndlela, umsakazo wezokuxhumana nge HIV/AIDS
waseNingizimu Afrika wazalwa. Uhlaka loxhumano
lwahlanganiswa emhlanganweni owabe ungo October
2000. Futhi, kwakuseyiyo i-AIDS Foundation eyayixhase
konke. Kodwa manje sekuyisikhathi sokuba iziteshi
sokuzakaza zihole indima.
Izinhloso zoxhumano
Abasakazi beziteshi bavuma ukuthi:
- bazobamba iqhaza elikhulu ekulweni nesifo
se-HIV/AIDS
- bazokwandisa izinhlelo ezikhuluma nge HIV/AIDS
emisakazweni yabo
- bazokwenza izinhlelo ndawonye kanye namakliniki,
izikole, ama- NGO, ama-CBO, amakilabhu entsha,
abesifazane kanye namagatsha aseduze e-NAPWA
- bazokwabelana ngolwazi abanalo, okungaba
amakhasethi, amaphepha, ngeposi noma nge- email
uma ikhona
- bazohlanganisa amakliniki, izikole, ama-NGO,
ama-CBO, izinhlangano zentsha, kanye namagatsha
aseduze e-NAPWA maqondana nemicimbi abanayo
Ngenxa yabasakazi, iziteshi izona exhumanisa
abantu. Kukubo ukwenza kusebenze. I-NCRF, eyengamele
iziteshi zemisakazo yomphakathi eNingizimu Afrika,
iyahambisana nokuxhumanisa ubudlelwano ngomsakazo
nangoqeqesho. Njengenhlangano ezimisele ukuthuthukisa
uphiko lwezokusakaza emphakathini, I-NCRF ikhuthaza
ukuxhumana kwamakliniki, nezikole, nama-CBO, nama-NGO
kanye nabe NAPWA abaseduze.
I siqubulo: “Izame nawe”
Isaga, esakhethwa emhlanganweni eThekwini ngo
October2000, simema abasha baseNingizimu Afrika
ukuba bazame indlela entsha yokuziphatha: -- ukuvimbela
I-HIV/AIDS -- ukuziphatha ngendlela enozwelo kulabo
abanegciwane le-HIV -- ukuphila impilo ngendlela
ekwanelisayo yize usuphethwe iHIV/AIDS.
Izibonelo zokuziphatha kahle zihlanganisa:
ukuhlonipha futhi uthande umuntu othandana naye,
ukwamukela nokusebenzisana nalabo abaphethwe iHIV/AIDS,
ukuzihlonipha futhi uzithande uma uphethwe iHIV/AIDS,
ukusebenzisa ikhondomu njalo uma uya ocansini
kanye nokuzihlalela ngaphandle kokuya ocansini
uze uthole umuntu ozomthanda impilo yakho yonke.
Noma ngabe iyiphi indlela yokuziphatha edingekayo,
loluxhumano luhlose ukuyala abalaleli bomsakazo
ukuba “baZame nabo”
Ukuthola ulwazi, thintana no:
Manana Monareng Communications Manager on 082
534 6752 Fika e-1st floor Cosatu House Buildings,
1-5 Corner of Biccard and Leyds Streets, Braamfontein,
Johannesburg, South Africa OR Post a letter to:
Suite 109, Private Bag X 42, Braamfontein, 2017,
Johannesburg, South Africa Ucingo: (011) 403 4336
Ifaks:(011) 403 4314 , Email: info@ncrf.org.za
<<Back
|