HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

ULWAZI NGEMIXHASO YABANTULAYO

INGXENYE II UHLA LWEMALI

Umthombo: Isuselwa ephephandabeni i The Independent on Saturday, 23 Feb 2002. Courtesy of Independent Newspapers (Pty) Ltd.

Imali yokuguga:

Ukuze wamukeleke ukuthola lemali yempesheni kumele ube neminyaka eyevile kwengama shumi ayisithupha. Inani layo: R 640 ngenyanga.

Imali yokukhubazeka:

Wamukelekile ukuthola lemali uma uneminyaka eyevile kweyi 18 futhi ukhubazeke ungakwazi ukusebenza. Ukukhubazeka kwakho kumele kugunyazwe udokotela noma yilabo abagunyazayo. Uma ukhubazeke okwesikhashana, uyohlolwa ngokuqhubeka kwesikhathi ukuthi usadingekile ukuba ihole impesheni. Inani: R640 ngenyanga.

Imali yokunakekela ingane:

Lemali eyezingane ezikhubazeke kakhulu futhi ezidinga unakekelo oluthile. Abazali ababheka ingane futhi bethole imali ehlanganisiwe engaphansi kuka R48 000 ngonyaka umakususwa intela, bavumelekile ukufaka isicelo. Izidingo zengane kumele ziqiniseke kudokotela osesibhedlela sikahulumeni. Uma ingane ithola enye imali, akumele iyiphinde kabili leyo evela kuhulumeni (mele ibe ngaphansi kuka R15 360). Inani; R640 ngenyanga.

Imali yokondla ingane:

Lemali ikhokhelwa labo abanakekela izingane ezincane (ezingevile kweziyisithupha) futhi ezingaphansi kweminyaka eyi-7 ukusiza ezindlekweni zasekhaya elingenalutho. Lowo onakekela umntwana angaba noma angabi yisihlobo sengane leyo futhi angatholi enye imali maqondana naleyo ngane / izingane. Imali oyitholayo iya ngokuthi uhlala kuphi. Ukuba ngonakekelayo, udinga ukuba: 1) uhlala endaweni esemaphandleni noma edolobheni, emjondolo noma endlini eyisakhiwo futhi kube ukuthi uhola imali engaphansi kuka R13 200 ngonyaka, 2) uhlala edolobheni emjondolo noma endlini yesakhiwo kodwa uhola engaphansi kuka R9 600 ngonyaka. Inani: R140 ngenyanga. (QAPHELA: Ngendlu eyisakhiwo, sichaza indlu eyakhiwe ngesitini / ukhonkolo noma ke ngo-asbhestosi).

Imali yokubhekelela ingane:

Lemali ibhekela lezo zingane enakekelwa muntu thize kodwa engesiye umzali kulowomntwana. Uma ingane ithola enye imali ephinda kabili le yokubhekela ingane ngonyaka (R9 000) kwenye indawo, leyongane ayivumelekile ukuthola imali yokunakekelwa. Inani: R460 ngenyanga.

Imali yosizayo:

Lena imali eyengeziwe ongayithola ngokufaka isicelo uma uvele uhola, kodwa ube udinga umuntu ozokunakekela ngasonke isikhathi. Inani R130 ngenyanga.

Imali esiza isikhashana:

Lemali isiza labo abantulayo okwesikhashana, njengalabo abalindele imvumo yokuthola imali kwabezenhlalakahle. Inhloso yayo ukusiza ngesikhathi isimo simanzonzo futhi itholakala izinyanga ezinthathu nje kuphela. Ukuthola imali esiza isikhashana kumele kube: 1) usifakile isicelo sokuhola kodwa asikabuyi isinqumo. Uma seyifika imali obuyilindele, uyobe sewuyikhokha le owasizwa ngayo isikhashana. 2) usugule kakhulu ukuthi ungasebenza, kodwa ikhona incwadi kadokotela eqiniseka ukuthi uzoba ncono ezinyangeni eziyi-6. 3) ungumzali ozimele yedwa ozama ukuthola isondlo kuyise/kumama wengane, kodwa lokho akukaphumeleli. 4) ungumzali ongumfelolokazi / umfelwa futhi akukho lutho ongaphila ngako nezingane. 5) unngumzali futhi owakwakho owondlayo ekhaya engusmolwa olindele isinqumo senkantolo noma ogulela esesibhedlela sikahulumeni. 6) wehlelwa inhlekelele efana nezikhukhula noma iziphepho kodwa hhayi uma kunemali etholakala endaweni yangakini ukusiza ngesimo.

Imali esiza kwezokugibela:

Ikhona imali esiza ukugibelisa kubantu: abatshelwe udokotela noma iklinikhi ukuba badinga ukwelashwa esibhedlela kodwa abanayo imali yokufinyelela lapho belashwa khona noma 2) ubuthenjiswe umsebenzi ndawo thize kodwa ayikho imali eyanele ukufika kuleyondawo.

Lemali Okudingayo ukuze ufake isicelo:

itholakala kanye kuphela futhi kuya ngokuthi kukude kangakanani lapho kumele uye khona. Uma wenza isicelo sanoma iyiphi imali evela kuhulumeni ehhovisi labezenhlalkahle, kumele uphathe umazisi wakho wase-South Africa onemigabelo, ubufakazi beholo lakho nokunye onakho. Zikhona ke ezinye izincwadi okumele uziphathe, koya ngokuthi ufuna hlobo luni lwemali/mpesheni. Lokhu kungaba: isitiketi somshado, sokufa uma ungumfelwa / umfelokazi, incwadi kadokotel uma ukhubazekile, noma isitifiketi sengane esenziwe ikhomputha futhi esinezinamba eyi-13.

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape