| "IMISEBENZI
YEZANDLA 2"
Uhlelo
lokuqeqesha ngomsebenzi wezandla eNSA Galari
Uhlelo lokuqeqeshela ukuba ngumdwebi e NSA Gallery
linika abantwana uqeqesho lokudweba kanye nohlelo
lokuthuthukisa amakhono kubantu abadala. I-NSA
inama-projects okudweba eThekwini, e Wylie House
ekhaya lezingane kanye nase Sibhedlela sezingane
eKing George, ewodini lesiso sesifuba (TB). Womabili
lamaprojects axhaswe yi-AIDS Foundation South
Africa.
Uhlelo lokudweba lwabadala lwenziwa e Mazenod/Chesterville
ehholo lomphakathi e Cator Manner, lapho kuqeqeshelwa
khona e-Senzokuhle. Okwamanje izimali zitholakala
kwi SEM British Trust (eseLondon), iSenzokuhle
ihlose ukuba izimele ngokwayo phakathi nonyaka
ozayo,u2003.
Ukudweba kufundiswa ngendlela yokulapha ngokuveza
imizwa kwbakwenzayo abantwana futhi kusiza ukuthuthukisa
ikhono lokunyakaza, ukusebenzisana kwesandla-nehlo
(motor skills), ukuphila nabantu (ukwabelana nokuxhumana
nabanye), ukuqwashisa (iqholo ngamasiko nokuhlonipha
abanye), lomsebenzi wengqondo (ukusika, ukupenda
nokudweba).
Lokudweba uzwakalisa imizwa kuyasiza ukze bahlale
bezithemba, ngoba bahlale bengasazithembi ngenxa
yezimo ezinzima abake badlula kuzo. Uma ufuna
ulwazi, thintana no:Nkosinathi Gumede, umsizi
kophethe e-NSA Galari. 166 Bulwer Road, Glenwood,
Durban 4001 Ucingo: (031) 202 3686/7
<<Back
|