HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title  Title & Body   And/Or: Or  And   eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN’s community Newsletter
HIVAN’s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

UKUBONAKALA KOMSEBENZI WETHANDANANI EMPHAKATHINI

I Thandanani Children's Foundation, inhlangano engakhokhelwa mali (non-profit) ezinze e- Pietermaritzburg, izuze ukubonakala ngokuvelele kulelizwe nasemazweni angaphandle ngomsebenzi ewenzayo emphakathini. Ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwabesimame ngo- August 2002, iSekela Lomphathi Wezokuxhumana, uPhumele Ntombela-Nzimande, ubalule inzuzo yale Foundation kanye nenani lamavolontiya abambe iqhaza ezinhlelweni zokuthuthuka. “Phezu kwabo bonke ubunzima enihlangabezene nabo, niqhubekile nazinikela ngezimpilo zenu ukusebenzela umphakathi. Ninikela konke ezinganeni enifinyelela kuzo futhi nikwenzela ikusasa lezingane ukuze sibe isizwe esizigqajayo ngalo ”.

Emva kokuqala ngamavolontiya ambalwa, nomuhla iThandanani inamavolintiya asebenzela umphakathi evile emakhulwini amabili. Ekuqaleni kuka-September ngo- 2002, uLinda Aadnesgaard, onguMlawuli we Thandanani, kanye no Zanele Maseko, onguMxhumanisi wezintandane kwimarijini ka Thandanani, babemenyiwe ukuba bahlangane noMongameli wase Fransi, uJacques Chirac emhlanganweni we World Summit for Sustainable Development. I- Thandanani yayikhethwe abamele iZwe lase Fransi ukuba yethulelwe isigqoko ngomsebenzi wayo. Umxhaso wemali ovela enhlanganweni yaseParisi, Secours Catholique nakuhulumeni wase Fransi wasiza ukuqalisa umsebenzi wekomidi le Thandanani lokunakekela izingane (elinama volontiya), umsebenzi walo ukubona nokusiza izintandane ze-AIDS nezinye izingane ezihlukumezekile emphakathini. Lomsebenzi uhlanganisa ukutholakala kwezitifiketi zokuzalwa (okwiyinto edingeka kakhulu esikoleni nokutholakala kwezimali zomxhaso), ukunika impahla yokwelapha enikelwe ngumphakathi ( imithi nokunye), noma ukudla. Ulinda Aadnesgaard uthi, “iThandanani uyakubona ukuthi izingane zijabula kukhulu uma ziyingxenye yomphakathi.

Kuyinhloso yethu ukusiza umphakathi ukwenza isimo siphephe futhi silethe ithemba kubantwana. Lokhu kungenzeka ngoku gqugquzela, ukuxhasa noku qeqesha amalunga omphakathi kanye nokwenza izinto ezilusizo kubantwana. Siyakuthokozela kakhulu ukutuswa esikutholayo, kusho lukhulu ukuba namavolontuya kanye nabasebenzi abasebenza ezimweni ezinzima nsuku zonke. “Kube nothando olukhulu emsebenzini wocwaningo oluqhubekayo luka Thandanani mayelana namakhaya aholwa noma aphethwe izingane. Siphinde saqala izifundo ngoqeqesho olubizwa “umugqa wesivinini” . Loluqeqesho luyatholakala ngemali ephansi ukuthuthukisa ezinye izinhlangano ezingakhokhelwa mali ukufundisa abanye ngesesikufundile. Siyakholwa ukuthi ngololuqeqesho bayokwazi ukukwenza intuthuko ebonakalayo emphakathini ngokushesha futhi lokhu kube nosizo oliqondene ngqo nabantwana.

Uma ufuna imininingwane egcwele thintana no:

Thandanani Children's Foundation, PostNet Suite 30 Private Bag X 9005, PIETERMARITZBURG 3200 Tel: (033) 345 1857 Fax (033) 345 1863 E-mail: admin@thandanani.org.za web: www.thandanani.org.za

<<Back

 

© Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape