|
UKUBONAKALA KOMSEBENZI WETHANDANANI
EMPHAKATHINI
I Thandanani Children's Foundation, inhlangano
engakhokhelwa mali (non-profit) ezinze e- Pietermaritzburg,
izuze ukubonakala ngokuvelele kulelizwe nasemazweni
angaphandle ngomsebenzi ewenzayo emphakathini.
Ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha usuku
lwabesimame ngo- August 2002, iSekela Lomphathi
Wezokuxhumana, uPhumele Ntombela-Nzimande, ubalule
inzuzo yale Foundation kanye nenani lamavolontiya
abambe iqhaza ezinhlelweni zokuthuthuka. “Phezu
kwabo bonke ubunzima enihlangabezene nabo, niqhubekile
nazinikela ngezimpilo zenu ukusebenzela umphakathi.
Ninikela konke ezinganeni enifinyelela kuzo futhi
nikwenzela ikusasa lezingane ukuze sibe isizwe
esizigqajayo ngalo ”.
Indaba
egcwele
"IMISEBENZI
YEZANDLA 2"
Uhlelo lokuqeqesha ngomsebenzi wezandla eNSA
Galari
Uhlelo lokuqeqeshela ukuba ngumdwebi e NSA Gallery
linika abantwana uqeqesho lokudweba kanye nohlelo
lokuthuthukisa amakhono kubantu abadala. I-NSA
inama-projects okudweba eThekwini, e Wylie House
ekhaya lezingane kanye nase Sibhedlela sezingane
eKing George, ewodini lesiso sesifuba (TB). Womabili
lamaprojects axhaswe yi-AIDS Foundation South
Africa.
Indaba
egcwele
USUKU
LWESIZWE LOKWENZA EQENJINI LE-TAC
U-August 28th 2002 kwaba uSuku lweSizwe lokweNza
eqenjini le- Treatment Action Campaign (TAC),
negatsha laseNyuvesi eseThekwini lwenza imibhiyozo
emibili ukucacisa ngalolusuku nokuqwashisa nge
HIV/AIDS kulesikhungo. Itafula lolwazi lwalungaphandla
nje komtapo wolwazi (library),EG Malherbe, ukunikeza
abafundi amapheshana olwazi nge-TAC.
Indaba
egcwele
ULWAZI
NGEMIXHASO YABANTULAYO
INGXENYE II UHLA LWEMALI
Umthombo: Isuselwa ephephandabeni i The Independent
on Saturday, 23 Feb 2002. Courtesy of Independent
Newspapers (Pty) Ltd.
Indaba
egcwele
IMISIGUNGU
SOMSAKAZO OXHUMANISA UMPHAKATHI NGE-AIDS
Esikhathini eside bekunezinkulumo ngokubaluleka
kokuxhumanisa imisakazo yompakathi eNingizimu
Africa. Noma kunjalo, ukukhuluma akwanele uma
kungenziwa lutho. Isigungu leesaziwa ngokuthi
I- National Community Radio Forum (NCRF, ngamafushane)
exhumanisa nge HIV/AIDS, ilangazele ukuqinisekisa
ukuthi abasakazi bezinhlelo zomsakazo bayakhuluma
ngezinto ezibandakanya I-HIV/AIDS.
Indaba
egcwele
BUZA
ONGCWETI!
Lapha sabelana ngolwazi esilunikwa ngongcweti
bodokotela nabacwaningi ukuphendula imibuzo ebuzwa
umphakathi. Khumbula ukuthi uma unombuzo ofisa
ukuphendukela ngawo mayelana ne- HIV/AIDS futhi
ungathandi ukuba igama lakho laziwe, iSondela
ingaloba impendulo kulowo mbuzo ngaphandle kokugagula
igama lakho. Ungasibhalela ku: Sondela, c/o HIVAN
(Centre for HIV/AIDS Networking), University of KwaZulu-Natal 4041, noma uthumele nge-email ku: community@hivan.org.za
Kulesigamu, sizolalela isiluleko sika Neil M.
Orr (MA Psych) sikhombisa ngoku- “phila
ngethemba”, ukunakekela izidingo zemizimba
yethu kuzosisiza ukuphila isikhathi eside negciwane
le-HIV. UMBUZO: Ngingenzani ukunakekela umzimba
wami, uma sengazi ukuthi nginegciwane le-HIV?
Indaba
egcwele
UKUSABALALA
ESIKHUNGWENI: IZIPHO ZAMAKHONDOMU
Idlanzana labafundi , elihlanganisa amavolontiya
axhunyaniswa I- Campus HIV/AIDS Support Unit team,
likhiphe “Izipho zamaKhondomu” ukuwasabalalisa
kwabanye abafundi emcimbini yokuzithokozisa nezithandwa
zabo ezindlini lapho behlala khona.
Indaba
egcwele
SONDELA
EDUZE
Iqembu lika-HIVAN likuthatha, wena mfundi, njengobalulekile
kakhulu emzabalazweni wokulwisana nengculazi negciwane
layo (HIV/AIDS). Izinkinga ezibangwa yi HIV/AIDS
siyozixazulula uma sizwana, sibambene futhi sicobelelana
ngolwazi, amasu kanye nobuciko.
Indaba
egcwel
|